Ujoshuwa 22:29-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. “Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova, sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i-altare leminikelo yokushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele* lakhe.”

30. Kuthe uFinehasi umpristi, nezikhulu zenhlangano, izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amazwi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi, nangabantwana bakwaManase, kwaba kuhle emehlweni abo.

31. UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase: “Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu, ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa-Israyeli esandleni sikaJehova.”

32. UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi nezikhulu babuya kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi ezweni lakwaGileyadi, bebuyela ezweni laseKhanani kubantwana bakwa-Israyeli, bababuyisela izwi.

33. Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu, ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.

34. Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi balibiza i-altare ngokuthi: “Lingufakazi phakathi kwethu wokuthi uJehova unguNkulunkulu.”

Ujoshuwa 22