6. Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.
7. Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
8. Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.
9. Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama
10. yaba ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.
11. Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.