Ujoshuwa 21:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.

17. Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo,

18. ne-Anathoti namadlelo alo, ne-Alimoni namadlelo alo, imizi mine.

19. Yonke imizi yabantwana bakwa-Aroni, abapristi, yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.

20. Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi, abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwa-Efrayimi.

21. Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,

22. neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.

23. Esizweni sakwaDani: i-Elitheke namadlelo alo, neGibethoni namadlelo alo,

24. ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.

25. Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase: iThahanaki namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.

Ujoshuwa 21