Ujoshuwa 20:6-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”

7. Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.

8. Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.

9. Leyo yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abalekele khona, angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze eme phambi kwenhlangano.

Ujoshuwa 20