Ujoshuwa 19:49-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

49. Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;

50. ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati Sera, ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.

51. Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.

Ujoshuwa 19