Ujoshuwa 18:17-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. wasuka enyakatho, waphuma e-Eni Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;

18. wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba;

19. umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.

20. IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.

21. Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,

22. neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,

23. ne-Avimi, nePhara, ne-Ofira,

24. neKefari Amoni, ne-Ofini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo;

25. iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,

Ujoshuwa 18