Ujoshuwa 17:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.

2. Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.

3. Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.

4. Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.

Ujoshuwa 17