4. Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo.
5. Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;
6. umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa;