56. neJizreyeli, neJokideyamu, neZanowa,
57. neKayini, neGibeya, neThimna, imizi iyishumi nemizana yayo.
58. IHalihuli, neBeti Suri, neGedori,
59. neMaharati, neBeti Anoti, ne-Elitekoni, imizi iyisithupha nemizana yayo.
60. IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61. Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka,
62. neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63. AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.