40. Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
41. UJoshuwa wabachitha kusukela eKadeshi Barineya kuze kufike eGaza, nezwe lonke laseGosheni kuze kufike eGibeyoni.
42. Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.
43. UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.