6. UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.
7. Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna.
8. Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
9. Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?”Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”
10. Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye;
11. mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”