17. kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale,ishe endaweni yayo, lapho libalele.
18. Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19. Izihambi zakwaThema zabheka;izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.
20. Zajabha, ngokuba zazibhekile;sezifike khona zadana.
21. Ngokuba kalokhu seniyize nje;nibona okwesabisayo niyesaba.
22. Ngasho yini ukuthi: ‘Ngipheni,ninginike isipho empahleni yenu,’ na?
23. noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha,ningihlenge esandleni sezidlova,’ na?