Ujobe 41:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ungagcwalisa isikhumba sakhe ngezinhlendla,nekhanda lakhe ngamathatha ezinhlanzi, na?

8. Beka isandla sakho kuye;khumbula ukulwa;awusayikukuphinda.

9. Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa;nangokumbona nje uyawiswa phansi.

10. Akakho onesibindi sokumvusa.Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?

Ujobe 41