13. Bafihle othulini kanyekanye,ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.
14. Khona ngiyakukudumisa namingokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.
15. “Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe;uyadla utshani njengenkabi.
16. Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe,nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17. Uqinisa umsila wakhe njengomsedari;*imisipha yamathanga akhe yalukene.
18. Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi;izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19. Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
20. Izintaba ziyamvezela ukudla,lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.
21. Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunziekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.
22. Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo;iminyezane yasemfuleni iyamphahla.
23. Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki;uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.
24. Angabanjwa ebhekile,liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?