Ujobe 4:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Njengokubona kwami abalima okubibahlwanyele ukona, bayakuvuna.

9. Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu;ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.

10. Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela,namazinyo amabhongo ayaphuka.

11. Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.

12. “Kwanyenyiselwa kimi izwi,indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.

13. Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku,lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,

14. ngafikelwa yingebhe nokuthuthumelaokwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.

Ujobe 4