Ujobe 39:6-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. engenza ihlane libe yindlu yayo,nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?

7. Ihleka umsindo wedolobha,ingezwa ukumemeza komshayeli.

8. Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo:ifuna zonke izinto eziluhlaza.

9. “Inyathi iyakuthanda ukukhonza,ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?

10. Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,ibhuqe izigodi emva kwakho, na?

11. Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,ushiye umshikashika wakho kuyo, na?

12. Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,iyibuthele esibuyeni sakho, na?

13. “Amaphiko entshe ayaphaphaza,kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?

14. Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini,iwafudumeze othulini.

15. Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachobozanokuthi isilwane sasendle singawanyathela.

16. Iphatha kalukhuni amazinyane ayo,kungathi awasiwo awayo;ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.

17. Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha,akayabelanga ukuqonda.

18. Lapho indizela phezulu,ihleka amahhashi nabagibeli bawo.

19. “Nguwe onika ihhashi amandla alo,wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?

20. Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na?Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.

Ujobe 39