33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34. “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?
35. Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?
36. Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?
37. Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,
38. lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?