Ujobe 38:33-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?

34. “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?

35. Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?

36. Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?

37. Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,

38. lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?

Ujobe 38