31. “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?
32. Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?
33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34. “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?
35. Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?