1. UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi:
2. “Ngubani lo owenza mnyama isilulekongamazwi angenalwazi na?
3. Bopha izinkalo zakho njengendoda;ngizakukubuza, wena ungazise.
4. Wawukuphi,lapho ngasekela umhlaba, na?Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.
5. Ngubani owanquma izilinganiso zawo,ngokuba uyakwazi phela!Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?