Ujobe 34:22-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Abukho ubumnyama,nethunzi lokufa alikho,lapho abenza okubi bengacasha khona.

23. Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntuukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.

24. Uyaphahlaza abanamandla,kungahlolwanga,amise abanye ezikhundleni zabo.

25. Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;uyabagumbuqela ebusuku,bachotshozwe.

26. Uyabashaya njengababiendaweni lapho bebonwa khona,

27. ngokuba bachezuka ekumlandeleni,abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,

28. baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

Ujobe 34