Ujobe 34:16-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “Uma unengqondo, yizwa lokhu,ulalele izwi lokukhuluma kwami.

17. Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na?Uyakumlahla olungileyo nonamandla

18. oshoyo enkosini ukuthi:‘Muntu omubi,’nasezikhulwini: ‘Mashinga,’

19. ongakhethi ubuso bezikhulu,onganaki ocebileyo kunompofu, na?Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

20. Bayafa ngokuphazima kweso;phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,banyamalale;amaqhawe ayasuswa,kepha kungengasandla.

21. “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;ubona zonke izinyathelo zakhe.

22. Abukho ubumnyama,nethunzi lokufa alikho,lapho abenza okubi bengacasha khona.

23. Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntuukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.

24. Uyaphahlaza abanamandla,kungahlolwanga,amise abanye ezikhundleni zabo.

25. Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;uyabagumbuqela ebusuku,bachotshozwe.

26. Uyabashaya njengababiendaweni lapho bebonwa khona,

27. ngokuba bachezuka ekumlandeleni,abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,

28. baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

29. Lapho yena ethula,ngubani ongalahla,nalapho ethukusa ubuso bakhe,ngubani ongambona na?Ubusa ngokufananayo,noma kuyisizwe noma kungumuntu,

30. ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,abantu bacushwe.

31. “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?

32. Lokhu engingakuboni,ngifundise khona;uma ngenzile okubi,angisayikukuphinda.’

33. Uyakuphindisela njengokuthandakwakho, lokhu ukwenqaba, na?Ngokuba nguwe ozakukhetha,akusimina;khuluma okwaziyo.

34. “Abantu abanokuqonda bayakusho kimi,yebo, nezihlakaniphi,lapho zingizwa, ziyakuthi:

Ujobe 34