Ujobe 33:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Uma ukwazi, ngiphendule;zihlele phambi kwami, ume.

6. Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu:ngibunjiwe nami ngebumba.

7. Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa,nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.

8. “Impela wakhuluma ezindlebeni zami,ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:

9. Ngimsulwa, anginasiphambeko;ngimhlophe, akukho okubi kimi.

10. Bheka, uthola amathuba ngami,ungishaya isitha sakhe.

11. Ufaka izinyawo zami ezingongolweni,aqaphele zonke izindlela zami.

12. “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho,ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

13. Umphikiselani ngokuthi:Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.

14. Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye,yebo, nakabili, umuntu engakunaki.

15. Ephusheni nasembonweni wasebusuku,lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,bozela emacansini,

Ujobe 33