Ujobe 33:17-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,anqume ukuzidla kumuntu;

18. unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.

19. Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe,nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.

20. Inhliziyo iyanengwa ngukudla,nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.

21. Inyama yakhe iyadliwa,ingabe isabonwa;amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.

22. Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,nokuphila kwakhe kubabulali.

23. “Uma kukhona ingelosi kuye,nehumusha noma yiliphi enkulungwanenilokuba litshele umuntu okumlungeleyo,

24. uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi:‘Mkhulule ukuba angehleli egodini,sengitholile ihlawulo,’

Ujobe 33