Ujobe 32:11-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.

12. Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13. Maningasho ukuthi:‘Sifumene ukuhlakanipha;uNkulunkulu angamphengulula,hhayi umuntu.’

14. Akahlelelanga mina amazwi akhe;angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15. “Bayakhungatheka, abasaphenduli;baphelelwa ngamazwi.

16. Ngibalindele yini,uma bengakhulumi, na?Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17. Nami ngiyakuphendula okwami,ngitshengise nami umqondo wami.

18. Ngokuba ngigcwele amazwi;umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19. Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

Ujobe 32