Ujobe 31:16-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “Uma nginqabele abampofu abakufisayo,ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17. ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,ingaludlanga nentandane

18. hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

19. uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,kungekho okokuzimboza kompofu;

20. uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

Ujobe 31