Ujobe 30:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Manje sengihaywa yibo,yebo, sengiyisaga sabo.

10. Bayanengwa yimi, bemi kude nami;abayeki ukungikhafulela ngamathe.

11. Bakhululile imichilo yabo,bangithobisa;balahlile itomu phambi kwami.

12. Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;agudlumeza izinyawo zami,anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.

13. Achitha umkhondo wami;asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.

14. Angena kungathi ngesikhala esibanzi;phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.

Ujobe 30