Ujobe 3:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,bungangeni phakathi komumo wezinyanga.

7. Bheka,lobo busuku mabungabi nalutho,kungangeni ukujabula kubo.

8. Mababuqalekise abathuka amalanga,abalungele ukuvusa uLeviyathani.

9. Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;mabulinde ukukhanya kungabikho,bungaboni izinkophe zokusa,

10. ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.

11. “Angifanga ngani esizalweni na?Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?

Ujobe 3