6. Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
7. Bheka,lobo busuku mabungabi nalutho,kungangeni ukujabula kubo.
8. Mababuqalekise abathuka amalanga,abalungele ukuvusa uLeviyathani.
9. Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;mabulinde ukukhanya kungabikho,bungaboni izinkophe zokusa,
10. ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.
11. “Angifanga ngani esizalweni na?Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?