Ujobe 28:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,lapho bekhohlakele khona lunyawo;bayalenga, bajikajika kude nabantu.

5. Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.

6. Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.

7. Lowo mgudu awaziwa yinqe,neso loheshe aliwubonanga.

8. Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo,nengonyama ayidlulanga ngawo.

9. Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha,agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.

10. Uqhekeza imihohoba emadwaleni;iso lakhe liyabona konke okuyigugu.

11. Uyavimba imifula ukuba ingaconsi;imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.

12. “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi?Iphi indawo yokuqonda na?

13. Umuntu kalazi inani lakho;akutholakali ezweni labaphilayo.

14. Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’

15. Akunakuzuzwa ngegolide;intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.

Ujobe 28