Ujobe 28:10-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Uqhekeza imihohoba emadwaleni;iso lakhe liyabona konke okuyigugu.

11. Uyavimba imifula ukuba ingaconsi;imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.

12. “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi?Iphi indawo yokuqonda na?

13. Umuntu kalazi inani lakho;akutholakali ezweni labaphilayo.

14. Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’

15. Akunakuzuzwa ngegolide;intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.

16. Kungelingane negolide lase-Ofiri,neshohamu* eliyigugu, nesafire.*

17. Igolide nengilazi kungelingane nakho;akunakwenaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.

18. Akunakukhulunywa ngekorali* nangekristalu;*intengo yakho iphezu kwamarubi.*

19. Itopazi* laseKushe alinakulinganiswa nakho,kungelingane negolide elicwengekileyo.

20. “Ukuhlakanipha kuvelaphi na?Indawo yokuqonda iphi na?

21. Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo,kufihliwe ezinyonini zezulu.

22. Ukubhujiswa nokufa kuthi:‘Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’

23. UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho;yena uyazi indawo yakho.

24. Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba,abone konke okuphansi kwezulu.

25. Lapho emisela umoya ukusinda kwawo,elinganisa amanzi ngezilinganiso,

Ujobe 28