Ujobe 27:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. “Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami,noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,

3. kusekhona ukuphefumula kimi,nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,

4. izindebe zami aziyikukhuluma okubi,nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.

5. Makube kude nami ukuba nginivumele;angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

6. Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki;inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.

7. “Isitha sami masibe njengomubi,nongisukelayo njengowonileyo.

8. Liyini ithemba longenaNkulunkulu,nxa enqunywa,lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?

Ujobe 27