Ujobe 26:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Izithunzi ziyathuthumelaphansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.

6. Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe,nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.

7. Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho;uphanyeka umhlaba phezu kweze.

8. Ubopha amanzi emafwini akhe;ifu alidabuki phansi kwawo.

9. Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi;uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.

10. Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi,kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.

11. Izinsika zezulu ziyathuthumela;ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.

12. Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi;ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.

Ujobe 26