3. Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha!Umemezile kangakanani ukuqonda!
4. Utshelwe ngubani lawo mazwi,nomoya kabani waphuma kuwe, na?
5. “Izithunzi ziyathuthumelaphansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.
6. Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe,nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
7. Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho;uphanyeka umhlaba phezu kweze.