4. ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.
5. Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.
6. Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?Cha, ubeyakubhekisa kimi.
7. Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.