Ujobe 20:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Uyabalekela isikhali sensimbi,kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.

25. Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe;nxa uphuma unyampuza enyongweni,abesehlelwa yingebhe.

26. Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe;umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla,uchithe okusele etendeni lakhe.

27. Izulu liyakwambula ububi bakhe,umhlaba umvukele.

28. Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka,inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

Ujobe 20