14. kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.
15. Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.
16. Uyakumunca isihlungu samabululu;ulimi lwenyoka luyakumbulala.
17. Akayikubuka imifula,iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.
18. Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;ngempahla ayitholileyo akayikujabula.
19. Ngokuba ucindezele,washiya abampofu;uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.
20. “Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe;kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.
21. Akusalanga lutho angaludlanga;ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.
22. Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa;izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.
23. Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe,uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe,akunise phezu kwakhe esekudleni.