Ujobe 12:9-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngubani ongaziyo ngakho konke lokhoukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?

10. Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo,nomoya wenyama yabantu bonke.

11. Indlebe ayivivinyi yini amazwi,njengolwanga lunambitha ukudla, na?

12. Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,nasebudeni bezinsuku ukuqonda.

13. “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;unesu nokuqonda.

14. Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa;uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.

15. Bheka, uyavimba amanzi, ashe;uyawathumela agumbuqele umhlaba.

16. Kuye kukhona amandla nokusizwa;odukisiweyo nodukileyo bakuye.

17. Umukisa abaluleki bephangiwe;uyenza abahluleli babe yiziwula.

Ujobe 12