Ujobe 12:11-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Indlebe ayivivinyi yini amazwi,njengolwanga lunambitha ukudla, na?

12. Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,nasebudeni bezinsuku ukuqonda.

13. “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;unesu nokuqonda.

14. Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa;uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.

15. Bheka, uyavimba amanzi, ashe;uyawathumela agumbuqele umhlaba.

16. Kuye kukhona amandla nokusizwa;odukisiweyo nodukileyo bakuye.

17. Umukisa abaluleki bephangiwe;uyenza abahluleli babe yiziwula.

18. Uthukulula izibopho zamakhosi,awabophe ezinkalweni ngamaketanga.

19. Umukisa abapristi bephangiwe,aphenule abemiyo njalo.

Ujobe 12