11. Indlebe ayivivinyi yini amazwi,njengolwanga lunambitha ukudla, na?
12. Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,nasebudeni bezinsuku ukuqonda.
13. “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;unesu nokuqonda.
14. Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa;uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.
15. Bheka, uyavimba amanzi, ashe;uyawathumela agumbuqele umhlaba.
16. Kuye kukhona amandla nokusizwa;odukisiweyo nodukileyo bakuye.
17. Umukisa abaluleki bephangiwe;uyenza abahluleli babe yiziwula.
18. Uthukulula izibopho zamakhosi,awabophe ezinkalweni ngamaketanga.
19. Umukisa abapristi bephangiwe,aphenule abemiyo njalo.