Ujobe 11:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:

2. “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?

3. Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?Nalapho ukloloda,akakho ongakuhlaza na?

4. Ngokuba uthi:‘Ukufundisa kwami kulungile;ngimhlophe emehlweni akho.’

Ujobe 11