Ujobe 10:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Uma ngona, uyangiqaphela;awuyikuthethelela ukona kwami.

15. Uma nginecala, maye kimi!Noma bengilungile,bengingayikuphakamisa ikhanda lami,lokhu ngisuthi ngehlazo,ngibona ukuhlupheka kwami.

16. Nokuba bengiziphakamisa,ubuyakungizingela njengengonyama,ubuye uzenze omangalisayo kimi.

17. Ubuyakuletha kimi ofakaziabasha, wandise intukuthelo yakhokimi, amabandla ngamabandlaangisukele.

Ujobe 10