Ujeremiya 9:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Sengathi nga nginendawo yokulalakwezihambi ehlaneukuba ngishiye abantu bami,ngisuke kubo,ngokuba bangabaphingi bonke,umhlangano wabakhohlisi.

3. “Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga,abaqinelanga iqiniso ezweni;kepha basuka kokubi, baya kokubi;mina-ke abangazi,” usho uJehova.

4. “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,ningethembi nakumfowenu,ngokuba abafowenu bonke bayaqinela,nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.

5. Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,abakhulumi iqiniso;bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,bazikhathaza ngokwenza okubi.

6. Uhlala phakathi kwenkohliso;ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.

7. Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi:“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,ngokuba ngingenze njaningenxa yendodakazi yabantu bami na?

8. Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,lukhuluma inkohliso;bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo,kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

9. Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”

Ujeremiya 9