Ujeremiya 9:13-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,

14. kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”

15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.

16. Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”

17. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Qaphelani, nibize abesifazane besililoukuba bafike,nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyoukuba bafike,

18. basheshe basikhihlele isililo,ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi,nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.

19. Ngokuba izwi lokukhala lizwakalalivela eSiyoni, lithi:‘Yeka ukuphangwa kwethu!Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe,ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”

20. Yebo, zwanini izwi likaJehovanina besifazane,izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe,nifundise amadodakazi enu ukukhala,kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.

21. Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu,kungene ezindlini zethu zamakhosiukunquma abantwana ezitaladini,nezinsizwa ezigcawini.

Ujeremiya 9