13. “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.
14. Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’kepha akukho ukuthula.
15. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye,abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka,” usho uJehova.
16. Usho kanje uJehova, uthi:“Yimani ezindleleni, nibone,nibuze imikhondo yasenduloukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’
17. Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu,ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’
18. Ngalokho zwanini nina zizwe,wazi wena bandlaukuthi yintoni ephakathi kwabo.
19. Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka,ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu,izithelo zemicabango yabo,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami,nomthetho wami bawulahlile.
20. Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba,nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na?Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki,nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”