59. Izwi uJeremiya umprofethi ayala ngalo uSeraya indodana kaNeriya kaMakhaseya ekuhambeni kwakhe noSedekiya inkosi yakwaJuda eya eBabele ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe. USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.
60. UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele, onke lawa mazwi alotshiwe ngeBabele.
61. UJeremiya wathi kuSeraya: “Ekufikeni kwakho eBabele bhekisisa ukuba ufunde onke lawa mazwi,