18. Ziyize, zingumsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
19. Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke,yebo, nesizwe sefa lakhe;nguJehova Sebawoti igama lakhe.
20. “Uyizembe lami nezikhali zokulwa;ngiyaphahlaza izizwe ngawe,ngawe ngiyachitha imibuso,
21. ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo,ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;
22. ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane,ngiphahlaze ngawe abadala nabasha,ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
23. ngiphahlaze ngawe umalusi nomhlambi wakhe,ngiphahlaze ngawe umlimi namabhanga akhe,ngiphahlaze ngawe izinduna nababusi.