Ujeremiya 51:13-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wena ohlala ngasemanzini amakhulu,nonengcebo eningi,sekufikile ukugcina kwakho,isilinganiso sokuhaha kwakho.

14. UJehova Sebawoti uzifungile wathi:Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,bayakuhalalisa nokho ngawe.

15. “Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

16. Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Ujeremiya 51