Ujeremiya 50:41-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. “Bheka, kuvela abantu enyakatho,isizwe esikhulu namakhosi amaningi,kuvuswe ekugcineni komhlaba.

42. Babamba umnsalo nomkhonto;banonya, abanamusa;izwi labo liduma njengolwandle;bakhwele amahhashi,behleliwe njengabantu abayakulwa nawendodakazi yaseBabele.

43. Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo,izandla zayo zaba buthakathaka;usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

44. Bheka,njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma,ngibagijimise, basuke kuyo;nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,ngokuba ngubani onjengami,ngubani onginqumelayo,ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

45. Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehovaasinike ngeBabele namaceboawacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi:Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,basuswe impela,ikhaya labo limangale ngabo.

Ujeremiya 50