Ujeremiya 50:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

2. “Memezani phakathi kwezizwe,nikuzwakalise, nimise ibhanela,*nikuzwakalise, ningakufihli, nithi:‘IBabele linqotshiwe,uBeli ujabhile,uMerodaki uphelile amandla;izithombe zalo zijabhile,imifanekiso yalo iphelile amandla.’

3. Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho,esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo,kungabikho ohlala kulo;abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.

4. “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,“bayakufika abantwana bakwa-Israyeli,bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye,behamba bekhala,befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

5. Bayakubuza indlela yaseSiyoni,ubuso babo bubhekene nalo, bethi:Wozani nizihlanganise noJehovangesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

6. “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo;abelusi babo babadukisile,babazulazulisa ezintabeni,basuka entabeni, baya egqumeni,bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.

7. Bonke ababafumanayo babaqeda;abamelene nabo bathi:‘Asitholi icala;ngokuba bonile kuJehova,ikhaya lokulunga,ithemba lawoyise, uJehova.’

8. “Balekani eBabele,niphume ezweni lamaKaledi,nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.

9. Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu,livela ezweni lasenyakatho,lizihlelele lona, linqotshwe lapho;imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo,elingabuyi ze.

10. IKalideya liyakuba yimpango;bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.

Ujeremiya 50