25. Ububi benu buchezukisile lokhu,nezono zenu zinenqabele okuhle.
26. “Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi,baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni,babeke ugibe,babambe abantu.
27. Njengendlwana yezinyoni igcwele zona,kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso;ngalokho bakhulile, bacebile.
28. Bakhuluphele, bayacwebezela;yebo, bayadlula ezintweni zobubi;abameli ukulunga,abameli izintandane ukuba zihlahlamele,nemfanelo yabampofu abayahluleli.
29. Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
30. “Okumangalisayo nokwesabekayokuyenziwa ezweni.
31. Abaprofethi baprofetha amanga,abapristi babusa eceleni kwabo;abantu bami bayakuthanda kanjalo,kepha niyakwenze njani ekupheleni na?