Ujeremiya 49:24-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. IDamaseku selibuthakathaka,liyaphenduka ukuba libaleke;ingebhe ilibambile,ukudabuka nosizi kulibambilenjengowesifazane obelethayo.

25. Yeka ukushiywa komuzi wodumo,umuzi wokuthokoza kwami!

26. Ngalokho izinsizwa zawoziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda empiayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.

27. “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”

28. NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.Usho kanje uJehova, uthi:“Sukani, nikhuphukele eKedari,nichithe abantwana basempumalanga.

29. Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha,bazithuthele izilenge zabo,nazo zonke izimpahla zabo,namakamela abo,bamemeze kubo, bathi:‘Luvalo nxazonke.’

30. “Balekani, nizulazulele kude,nihlale ezigoxininina bakhileyo eHasori,” usho uJehova,“ngokuba uNebukadinesari,inkosi yaseBabelewenze amasu ngani,waceba amacebo ngani.

31. “Sukani,nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,esihlala ngokulondeka,” usho uJehova,“esingenazicabha nemigoqo,sakhe sodwa.

32. Amakamela aso ayakuba yimpango,nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,ngehlisele phezu kwaboizingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.

33. “IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhankanencithakalo kuze kube phakade;akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”

34. Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:

35. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bheka,ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu,okokuqala kwamandla abo.

Ujeremiya 49