Ujeremiya 49:21-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngomsindo wokuwa kwaboumhlaba uyazamazama;ngukukhala okumsindo wakhouzwakele ngaseLwandle Olubomvu.

22. Bheka,onjengokhozi uyakhuphuka, andize,elulele amaphiko akhe kulo iBosira;izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomiziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

23. NgeDamaseku.“IHamati ne-Aripadi kujabhile,ngokuba kuzwile imibiko emibi,kuphela amandla.Kuyahlupheka njengolwandle,akunakuthula.

24. IDamaseku selibuthakathaka,liyaphenduka ukuba libaleke;ingebhe ilibambile,ukudabuka nosizi kulibambilenjengowesifazane obelethayo.

25. Yeka ukushiywa komuzi wodumo,umuzi wokuthokoza kwami!

26. Ngalokho izinsizwa zawoziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda empiayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.

27. “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”

28. NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.Usho kanje uJehova, uthi:“Sukani, nikhuphukele eKedari,nichithe abantwana basempumalanga.

29. Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha,bazithuthele izilenge zabo,nazo zonke izimpahla zabo,namakamela abo,bamemeze kubo, bathi:‘Luvalo nxazonke.’

30. “Balekani, nizulazulele kude,nihlale ezigoxininina bakhileyo eHasori,” usho uJehova,“ngokuba uNebukadinesari,inkosi yaseBabelewenze amasu ngani,waceba amacebo ngani.

31. “Sukani,nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,esihlala ngokulondeka,” usho uJehova,“esingenazicabha nemigoqo,sakhe sodwa.

32. Amakamela aso ayakuba yimpango,nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,ngehlisele phezu kwaboizingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.

33. “IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhankanencithakalo kuze kube phakade;akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”

Ujeremiya 49